Open-access Izinkomba zokuqala ezikhombisa ukuphumelela kwinyuvesi yaseNingizimu Afrika: Indlela ehambisana nedatha ehambisana nokuqonda nokukhuthaza ukuziphatha okwenza impumelelo yomfundi

Abstract

Kuleminyaka engamashumi amabili edlule, inkundla yokuhlaziywa kwempumelelo yabafundi iye yaguquka kakhulu, ikakhulukazi ngokuvela kohlaziyo lokufunda (learning analytics) njengenkundla yocwaningo esemthethweni, eyaqalwa nguSiemens nozakwabo ngo-2013. Nokho, ukusetshenziswa kolwazi ukweluleka ekuthathweni kwezinqumo mayelana nokuhlela, ukungenelela kanye nezindlela zokufundisa nokufunda akuwona umqondo omusha. Noma kunjalo, amasu amaningi ezikhungo okweseka impumelelo yabafundi asahlukahlukene, avame ukugxila ezinhlakeni ezithile zezithiyo kunokuba amukele aqonde izinhlaka zonke. Leli phepha lethula umqondo weZinkomba Zokuqala Ezikhombisa Ukuphumelela - uhlaka oluhloselwe ukuhlanganisa izingxenye ezahlukene zokwesekwa abafundi esikhungweni ukuze lube yisu elihlangene eliqhutshwa ngolwazi. Ngokuphambene nezindlela zendabuko ezigcizelela amagama agxile ekuntulekeni afana 'nezinkomba zobungozi' noma 'izinhlelo zokuxwayisa kusenesikhathi', indlela yethu yamukela umbono ogxile emandleni omfundi. Sibuza umbuzo othi, "Yiziphi izimo okufanele zibe khona ukuze abafundi bafinyelele emandleni abo aphelele?" Ukuze siphendule lo mbuzo, sibeka imephu yezikhathi ezisemqoka kuyo yonke impilo yomfundi esasesikhungweni sezemfundo, kusukela ngaphambi kokuba abhalisa kuze kufikele ekuhlolweni kokugcina, sibheka ulwazi ngaye kanye nezindlela ezifanele zokwemeseka. Lesi sifundo sisuselwa ekuqondeni komsebenzi wabaQeqeshi beMpumelelo Yezemfundo abaziwa nangokuthi abeluleki babafundi bomkhakha, abaholi besikhungo, nososayensi bolwazi, ekwenzeni indlela ehlanganisa ababambiqhaza futhi eqa imikhakha emining yolwazi olumayelana nokuphumelela kwabafundi. Imiphumela yethu igcizelela ukubaluleka kokubambisana ngaphakathi esikhungweni, isiko lokusebenzisa ulwazi ngokusobala, izinhlelo zokweseka ezishintsha ngokuphuthuma kanye nokungenelela ngesikhathi okuhlosiwe. Lo mqondo osemusha waleliphepha unikela ekuguqulweni amasu okusekela impumelelo yabafundi ngendlela ehlosiwe hayi evikelayo ngokusekwenzekile, ngenhloso yokwandisa amazinga okuphothula kanye nemiphumela yabafundi iyonke.

Ukwelulekwa kwezemfundo; umjikelezo wokufunda womfundi; izinkomba zokuqala ezikhombisa ukuphumelela; ukwesekwa komfundi okuphelele; izinhlelo zokuxwayisa kusenesikhathi; impumelelo yomfundi


location_on
Journal of Student Affairs in Africa 7 Walmer Road, Woodstock, Cape Town, Western Cape, ZA, 7925, Tel: +27 83 350 5959 - E-mail: editor@africanminds.co.za
rss_feed Acompanhe os números deste periódico no seu leitor de RSS
Ir para o topo