Open-access Uhlelo oluhambisa phambili ukulingana ngesikhathi kwelulekwa ngezifundo abafundi abenza unyaka wokuqala: Ucwangosimo lweKolishi leZoluntu, eNyuvesi yaKwaZulu-Natali

Abstract

Ushintsho lokusuka esikoleni samabanga aphakeme uya enyuvesi luza nezinselelo eziningi kakhulu ikakhulukazi kubafundi abasuka emiphakathini ehlwempu kanye nasezikoleni ezintula izinsizakusebenza. Lokhu kuphazamisa inqubekela phambili yomfundi. Lokhu kufakazela ukubaluleka kohlelo oluhlosiwe nolusheshayo lokwesekwa kwabafundi kusanesikhathi. Nokuyinto ekhuthazwa inqubomgomo yeNyuvesi yaKwaZulu- Natali ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-Academic Monitoring and Support (AMS). Lolu cwaningo lucubungula ulwazi lwabafundi abenza unyaka wokuqala mayelana nokwelulekwa ngokwezemfundo okugxile osukwini lokwamukelwa kwabenza unyaka wokuqala enyuvesi, ngaphansi kweKolishi leZoluntu. Nebhalisa inani labafundi abangafika ku-60% abenza unyaka wokuqala abasuka ezikoleni ezithathwa njengezikole ezintulayo. Lolu cwaningo luqhutshwe ngezindlela ezimbili. Indlela yokuqala indlela yocwaningonto. Le ndlela ikhombisa ukuthi ukwelulekwa kwezemfundo ukuthuthukisa kanjani ubulungiswa bezenhlalakahle. Indlela yesibili isebenzisa izinhlaka ezimbili ezihambisanayo. Nokuwuhlaka lukaNancy Fraser lwezobulungiswa bezenhlalakahle noluhlola ukuthi ingabe ukungenelela kusanesikhathi kuyazixazulula yini izinkinga. Ngokuka-Alf Lizzio izinzwa ezinhlanu zempumulelo yomfundi zifaka ulwazi lomfundi kuzona zonke izizinda zoshintsho oluyimpumelelo nokufaka phakathi indlela yokwenza komfundi, ukuxhumana, inhloso, ubuhlakani kanye nenqubo yasenyuvesi. Imininingo yaqoqwa kwizimpendulo zesaveyi yabafundi. Kwaphendula abafundi abangama-531 kubafundi abayi-1000 abenza unyaka wokuqala ababamba iqhaza locwaningo ngonyaka wezi-2025. Okutholakele ocwaningweni kuveza ukuthi izinzwa zabafundi zithuthukisiwe nokufaka phakathi ukwenza kwabo, ubuhlakani, ukuxhumana, izinhloso kanye nokuzibandakanya nenqubo yokwenza enyuvesi. Izingqinamba zezobuchwepheshe, ubuxihixi bezokuxhumana kanye nesikhathi sokunikwa kwedatha kubafundi kube nomthelela omkhulu ekubambeni iqhaza okuphansi kubafundi. Lokhu kugqamisa izinselelo zokuhlanganyela ocwaningweni ngokulinganayo. Kulolu cwaningo kuxoxwe ngemiphumela kanye nezindlela zokwelulekwa ngokwezemfundo. Kuphinde kwahlongozwa nolunye ucwaningo olungenziwa ngomuso.

Ukwelulekwa ngokwezemfundo; ukulingana; ukwamukelwa kwabenza unyaka wokuqala enyuvesi; inqubo yasenyuvesi; ulwazi lwabafundi


location_on
Journal of Student Affairs in Africa 7 Walmer Road, Woodstock, Cape Town, Western Cape, ZA, 7925, Tel: +27 83 350 5959 - E-mail: editor@africanminds.co.za
rss_feed Acompañe los números de esta revista en su lector de RSS
Ir para arriba