Services on Demand
Journal
Article
Indicators
Related links
Cited by Google
Similars in Google
Share
Journal of Student Affairs in Africa
On-line version ISSN 2307-6267Print version ISSN 2311-1771
Abstract
THEMBANE, Nokukhanya. Ukuphila ngaphansi kwezikhawu zokucishwa kukagesi: Umthelela kanye nezindlela zokuphila zabafundi basenyuvesi yaseNingizimu Afrika ngesikhathi sohlelo lokucishakonga. JSAA [online]. 2024, vol.12, n.2, pp.131-142. ISSN 2307-6267. https://doi.org/10.24085/jsaa.v12i2.4643.
Ukucishakonga, okuwuhlelo lokucishwa kukagesi izikhawu okwethulwe eNingizimu Afrika, sekube nomthelela omkhulu ezimbonini ezihlukene okubandakanya nezikhungo zemfundo ephakeme. Lolucwaningo luzohlola umthelela odalwe ukucishakonga kubafundi kwenye yamanyuvesi aseNingizimu Afrika, lugxile kakhulu ezinkingeni ababhekane nazo kanye nezindlela abazisebenzisile ukulwisana nalenkinga. Lolucwaningo lusebenzisa izindlela ezixubene zokucwaninga, ezibandakanya idatha eyikhwantithethivu evela kusaveyi kanye neyikhwalithethivu evela ezingxoxweni ezibe khona ezibanjiwe. Ulwazi olutholakele luveza ukuthi kukhona ukuphazamiseka okuqhamuka nokucishakonga, okubandakanya amakilasi okungafikekanga kuwo, izinga elincane lezinsizakusebenza, kanye nezingqinamba zokuthumela imisebenzi eyenziwe. Ukuhamba kukagesi kunomthelela ongemuhle esimweni sengqondo sabafundi, lokho okuholela ekutheni baphazamiseke emqondweni, ukucindezeleka, ukukhathazeka kanye nemizwa yokuzwa ngathi babodwana. Ucwaningo lugcizelela isizathu sezindlela zokulekelela okumele zenziwe ukulwisana nezidingo zomqondo zabafundi ngesikhathi sohlelo lokucishakonga. Zikhona izindlela zokuphila kulesisimo ezitholakele, lezi zibandakanya ukulawulwa ngendlela kwesikhathi, ezinye izindlela zokuthola ugesi, izinsizakufunda ezingadingi ukuxhuma kwi-inthanethi, izikhathi ezihleliwe zokufunda ngamaqoqo kanye nezindlela zokuzinakekela. Ukuqonda kanye nokuhlaziya lezizindlela zokuphila kulesisimo kubalulekile emizamweni yokuqhamuka nezindlela zokulekelela kumthelela onezigaba eziningi odalwa ukucishakonga kubafundi, ngokuthi kuqhanyukwe nemibono engasetshenziswa ukuthuthukisa izindlela ezingalandelwa kanye nokwenza indawo yokufunda okuphileka kalula kuyo. Lolulwazi olutholakele lugqugquzela izinkulumo okumele zibe khona maphakathi nezikhungo, abaqambi bamapholisi, kanye nezinye izinhlaka ezikhona ukulekelela abafundi kanye nokulwisana nezinkinga ezidalwe uhlelo lokucishakonga.
Keywords : Ukucishakonga; ukuphumelela kwezemfundo; abafundi; isimo sokuphila komqondo; izindlela zokulwisana nezimo.











