Open-access Ubungcweti bokwelulekwa kwezemfundo ngendlela enomthelela ohlabahlosile

Abstract

Indlela Esezingeni Yokululeka Kwimfundo Ephakeme, i-AAPD, okuwuhlelo lokufunda oluyisikhashana esincane yilona kuphela uhlelokuxalulusa isinginga olukhona, olunegalelo ekusetshenzisweni kochwepheshe beziluleko zezemfundo ephakeme eNingizimu Afrika. Ukweseka ngempumelelo nangenjolozela egcwele ukukhula kwabafundi, ukuthuthuka, kanye nempumelelo, abeluleki bezemfundo badinga ukuthuthukisa isethi yamakhono ochwepheshe, ulwazi, kanye nokuziphatha. Kungaba ngendlela yenhlanganisela yokuqeqeshwa okuqhubekayo okusemthethweni nokungakahleleki, ukuthuthukiswa, namathuba okufunda lapho abafundi nezikhungo zithola impumelelo. I-AAPD iwukuqeqeshwa okusemthethweni okunezimo ezithathelwa ezincwadini zamazwe ngamazwe kanye nezindlela zokusebenza ukuze abeluleki bezemfundo bafunde futhi bathole ulwazi namakhono okuthuthukisa izinhlelo zokweluleka zezemfundo ezihlose futhi nokusiza bona abeluleki ukuthi bacwengisise izindingonqangi zabo zokweluleka nobuyoninco bolwazi. Leli phepha lakhela phezu futhi lihlela neqhaza elingabanjwa kumsebenzi wamazwe ngamazwe kanye kazwelonke emkhakheni wokweluleka kwezemfundo njengomkhuba nomsebenzi. Liphinde ligxile ekucatshangelweni kokwelulekwa kwezemfundo okuvela ku-Habley kanye noMcClellan, okuhlonza izingxenye ezinhlanu ezibalulekile ezifaka isandla ekwenzeni ukweluleka kube nobungcweti. Ngokusebenzisa lezi zinhlaka zomqondo ukuze kudwetshwe okuqukethwe yi-AAPD kuqhathanise nemiphumela esemqoka, kukhombisa ukuthi nakuba i-AAPD inikeza isingeniso esibanzi ezingxenyeni zokwelulekwa kwezemfundo eziqondiswe esimweni semfundo ephakeme yaseNingizimu Afrika, abahlanganyeli bemisebenzi yokuqala basenokuphazamiseka ekuqondeni kwabo lezi zingxenye. Lokhu kukhombisa ukuthi uhlaka olusetshenziswa ku-AAPD luyathembisa ukuqhubekisela phambili umkhuba nomsebenzi, nethuba lokuqinisa izingxenye ezikhona ngaphezu kwezinye, njengokweluleka ngemisebenzi, esebenza endaweni yaseNingizimu Afrika.

Ukweluleka kwezemfundo; iNingizimu Afrika; ukuthuthukiswa ngokwezinga eliphakeme; ukuzijwayeza; ukuqeqeshwa


location_on
Journal of Student Affairs in Africa 7 Walmer Road, Woodstock, Cape Town, Western Cape, ZA, 7925, Tel: +27 83 350 5959 - E-mail: editor@africanminds.co.za
rss_feed Acompañe los números de esta revista en su lector de RSS
Ir para arriba