Abstract
Ukugcinwa kwabafundi beziqu eziphakeme kubalulekile ukuze kuqinisekiswe impumelelo yabo kanye nokuthuthukiswa kwemfundo ephakeme. Nokho, lokhu kuyindaba eyinkimbinkimbi edinga izindlela ezahlukene zokweseka abafundi ezigabeni ezihlukahlukene zokufunda kwabo. Lolu cwaningo lwenze ukubuyekezwa okuhlelekile ukuze kuhlanganyelwe ulwazi mayelana namasu asetshenziswa emhlabeni jikelele ukugcina abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme. Ucwaningo lulandele indlela ye-PRISMA, okuhlanganisa ukuhlonza, ukuhlunga, ukuhlola ukufaneleka kanye nekhwalithi yezifundo, ukuze kuqinisekiswe ukuthembeka nokucaca kwemiphumela. Kwatholakala izihloko eziyi-1,719 ezibuyekezwe ontanga, kanti ezingama-32 kuphela ezagcina zifakiwe ocwaningweni. Imiphumela ikhombise ukuthi ukuqondiswa kwabafundi (supervision) kubalulekile kakhulu ekubasizeni bahlale ezifundweni zabo. Lokhu kufaka phakathi ukukhethwa kahle komqondisi, ubudlelwane obuhle phakathi komqondisi nomfundi, kanye nokusebenza ngokubambisana. Kutholakale nezinye izindlela zokweseka abafundi, njengokuqeqeshwa kwezifundo, amakamu okubhala, ukwesekana phakathi kwabafundi, kanye nokwelulekwa ngokwengqondo. Kunconywa ukuthi izikhungo zemfundo ephakeme zisebenzise izindlela eziningi zokweseka abafundi, ezihambisana nezidingo zabo ezigabeni ezahlukene zokufunda. Lokhu kungasiza ekuqinisekiseni ukuthi abafundi bathola ukwesekwa okwanele. Kubalulekile futhi ukweseka labo abahlinzeka ngosizo, ikakhulukazi abaqondisi, ukuze umsebenzi wabo ube nempumelelo futhi uhambisane nezindlela ezinhle ezisekelwe ocwaningweni.
Imfundo yobudokotela; imfundo ephakeme; ukwelulekwa; ukwesekana kwabafundi; izifundo zeziqu eziphakeme; ukuqondiswa kwabafundi; ukugcinwa kwabafundi nokuphothula; impumelelo yabafundi; izinsizakalo zokweseka abafundi; ubudlelwane bomqondisi nomfundi; ukwesekwa kokubhala


